Sekuphele unyaka selokhu waba yingxenye yalomsakazo yikuphi nje ongakuqhakambisa kulesikhathi osasihlalile?
Ngifunde okuningi kungikhulisile kakhulu ukuba semsakazweni omkhulu Ukhoiz fm. Ngafunda nokubaluleka komlaleli woKhozifm angilutho ngaphandle kwakhe. Nezinto eziningi ezinhle ezenzeka emsakazweni, ukubambisana phakathi kozakwethu.
Ungasho nje ukuthi ukudla kwakho umhlanganiso njengomethuli wezinhlelo ovelele ngenkathi kuthungathwa ikhono emqhudelwaneni i Winnie Mahlangu kukugqugquzele noma ukwazile ukuziphendlela eyakho indlela?
Ukungena ezinyaweni ka Mama Winnie Mahlangu kunginikeze ukuzethemba kwanginika nenselelo yokuthi ngenzekahle futhi ngenze kakhulu. Ngoba ubeyinqalabutho, uyibekile induku ebandla.
Ngesikhathi esifushane kangaka ukwazile ukuzitholela indawo yokuthi ube ngomunye wabethuli bezinhlelo ohlelweni olugabe ngenqwaba yabalaleli u Sigiya ngeNgoma ukwenze kanjani lokhu?
Ukusebenza ngokuzinikela nentshisekelo ikhona okungibeke lapha. Lelithuba kimi liyinqayizivele, futhi ngizoliphathisa okwezikhali zamantungwa.
Ungathini nje kwabanye abantu besifazane abasebebancane abangafisa ukuhamba ezinyathelweni zakho?
kubalulekile ukuba nguwena uma wenza into, nokulandela isiphiwo sakho ikhona okuyokuhlukisa kwabanye abantu.
Inyanga le uNhlangulana ihlonzwe njengenyanga yentsha, uthini umyalezo wakho owubhekise entsheni?
Intsha ayizihloniphe, ihloniphe neSizwe . Inciphise ukudla izidakamizwa kanye nophuzo oludakayo



